Inhlonipho: Inoveli namanothi

Author(s):Hlatshwayo, DS
ISBN: 9780636144705
Subject: Literature
Grade(s): Grade 9
Language: IsiZulu


Ngenxa yabangani abangalungile, uFanele uzithola esengene wathi shi embulalazweni oyizidakamizwa. Nangu useze waphenduka undingasithebeni ohudulana nezidwedwe emigwaqw eni yaseGoli.
Onke amaphupho akhe avele ashabalala njengamazolo lapho sekuvela ilanga. Usephenduke ihlongandlebe enjalo nje. Sekuze kulukhuni nakubazali bakhe ukuthi bamkhuze.
Yize noma uyise eseshonile usalokhu eqhubekile nokukhombisa ukuba yisixhwanguxhwangu. Impilo ibenzima kakhulu lapho eseqile ekhaya; esegolwe yimigwaqo yaseGoli. Izidakamizwa zimjove ngokunye. Akusekho ukubuyela emuva manje, kufanele azame ngazo zonke izindlela ukuthola imali yewunga.
Loading